06/01/2025
Angithathe lelithuba ngihalalisele uMthandeni ne Team asebenzisana nayo ngokuhlela umcimbi oseqophelweni eliphezulu kangaka endaweni yasemakhaya.
Ngike ngazitshela ukuthi ngizothula ngingaphawuli ngokwenzekile phakathi kwami nosisi omncane uNaledi ngoba ngiyakholelwa ekutheni kuningi okuhle okwenzeke kule event obekumele ku-trende ngempela.
Uma uwumuntu kubalulekile ukuthi ube nento ebizwa "Emotional intelligence ", lokhu kusho ukungalawulwa ama "emotions" noma imizwa. Iyona ke into mina ne team yami esiyenzile e-stage, ukuzibamba noma uzwa ukuthi kufanele ngabe kukhona engikwenzayo manje.
Yini ecasule abantu kangaka, umbuzo lowo fanele ngabe siyawubuza?ππ
Abantu bacasulwe ukubona umculi abamthandayo, edelelwa intokazi esencane. Isiklaya nje phakathi sizinzizwa, isedlula nje sengathi ayisiboni. π
La emhlabeni you get what you give. Uma usipha inhlonipho, uzohlonishwa.
I- Team ka Mthandeni yenze konke okusemandleni ukwenza lomcimbi ungabi nogcobho, futhi ube muhle kakhulu. Sibone uMthandeni engena e-stage no Mahoo, Lwa, no Nomcebo (Umlando).
Sibone uMthandeni eshintsha izimpanhla (outfit) kaningi ku event eyodwa!ππππ
Nakuba kuwu January kodwa le event ibigcwele phama!!
O-Stage manager kubalulekile ukuthi ekuhambeni kwesikhathi benze i-course okuthiwa i-Project management. Kufanele bebe abantu abakwaziyo ukuthatha izinqumo fast, be underpressure ngaphandle kokusebenzisa ama emotions! Umphakathi kumele ungaboni nanoma sekukhona inkinga ekhona since lama event asuke edlala bukhoma nasezinkundleni zokuxhumana. Nama potential sponsors asuke ebhekile.πππ
Ngiyabonga futhi nakuMasondo ngokukwazi ukulawula isimo, wavele wanika abantu into abayifunayo (umalume), ngempela lwabuya uzinzo emcimbini. ππππ.
Angihambisani nokuphoswa kwamabhodlela estage nokulinyazwa kwe equipment yokusebenza nama artist.
See first comment for part 2.