06/06/2026
*☆☆ iNkosi uBhombela iNdlamhlathi kaMayekisa
LoShembe wayeyisimanga sento engakaze yaba khona emhlabeni.
Wake wathi ehamba ngezinyawo nje, kuhamba kusala la enyathele khona. Kwase kuthi umuntu owayegula emlenzeni wabe esenyathela la bekuhamba khona uBhombela, wabe eseyasinda.
*☆☆ iNkosi iLanga lamaLanga ☆☆*
iNkosi le yake yenza isimanga eKuphakameni. Kufika insizwa igula ngekhanda, ijomba ibheka phezulu. Yabe isithi: "Animletheni lapha." Nempela bayiletha.
Yabe isithi iNkosi: "Mkhumuleni lelijazi aligqokile, elaligqokwa yisosha elafela empini. Manje yilo leli eselivuka kulomuntu."
Nempela benza njengokusho kweNkosi iLanga, lensizwa yaphila.
*☆☆ iNkosi iNyangayezulu ☆☆*
Yiyo iNkosi le eyake yathi iphuma estezi ngenye imini, kanti kunomuntu oyinyanga ohamba nezilwane ethi uzoshaya uShembe ngezilwane zakhe.
Yaba ukuvela nje iNkosi, zakhala izilwane zathi ziyasha. Bezivele zingafuni ukuza kuShembe ngoba ungumlilo. Zayishiya kanjalo lendoda.
*☆☆ iNkosi uThingolwenkosazana ☆☆*
iNkosi okwake kwathi kugingqike ibhasi linamaNazaretha, abantu belele phansi. Yabonakala iNkosi yomusa igqoke umjiva omhlophe, ihamba ibaphephetha ngawo lomjiva abantu ababelimele.
Yabonwa ngamehlo njengoba kuhlale kwenzeka uShembe uma esenza izimangaliso.
*☆☆ iNkosi uNyazilwezulu ☆☆*
kuwuJuly, kwake kwaba nemvula enkulu kwezinye izingxenye zeKwaZulu. Lapha ke eShowe kugcwale umfula, wabe usuthatha intombazane engesilo nhlobo iNazaretha.
Ibe seyimemeza lentombazane ibiza uShembe ukuba ayisindise. Uthi untombazane kwabe sekuqhamuka izwi emkhathini lathi: "Uma umemeza uShembe ubohlukanisa ukuthi usho muphi uShembe, ngoba munye owaziwayo ezulwini, uNyazilwezulu kuphela."
Yabe seyimemeza ithi: "Shembe Nyazilwezulu ngisindise." Yabe seyisinda kanjalo ekuthathweni umfula ongenisile.
100% UNYAZILWEZULU