EZASE N.S.P Entertainment

EZASE N.S.P Entertainment All about light📸camera📷action📖🖊 Zulu stories I'm the coolest guy ever

28/04/2026

With UNjoko 'IHobosha' Mbambo – I just made it onto their weekly engagement list by being one of their top engagers!

24/04/2026

IKUSASA LAMI By S.Mwandla

(BAJABULA KWABAMNANDI KWAZE KWALAMULA UKUBA BAHLUKANE NGENGXA YELANGA ELASELIZILAHLE KUNINA.WAFIKA SEBELELE WAQONDA EGUMBINI LAKHE LOKULALA KODWA WAXAKWA UKUTHI UMA EVULA UKHIYE AWUNGENI NGATHI KULOKHIWE NGAPHAKATHI UKHIYE WANGAKHISHWA AMEMEZE NGELOKUDAKWA LAPHO AKAKWAZI NAKUMA UBAMBELELA NGODONGA)

Thabo: Eh..ubani ova...ovale endli..ini yami(kuvuleke umnyango)
Lindelwa: Imina ovalile ikhona inkinga?
Thabo: Cha ...inkinga a...ay(amungene emlonyeni)
Lindelwa: Ey awungene and unuka phu utshwala besengundlalele phansi angizolala nawe Mina unjena.

(WANGENA WAHLALA PHANSI EZAMA UKUXOLISA KODWA AKULUNGANGA NGOBA WAYECASUKILE ULINDELWA ECASULWA UTSHWALA NOKUTHI KADE EFIKILE ENGABUYI,WAGCINA ESAHHEMA EXOLISA WAZUMEKA WAVUKA WAMLALISA BAKITHI ULINDELWA ISOKA LAKHE NAYE WABE ESELALA EMBHEDENI.NGEZIKHATHI ZABO 2 EKUSENI BASA UTSHWALA KUTHABO WAVUKA WAKHUMBULA UKUTHI KHONA ULINDELWA LAYINDLINI FUTHI ULELE PHANSI,WAVUKA WAXUBHA WAPHUZA AMANZI WAGIBELA EMBHEDENI).

Thabo: Babe,Lindelwa(ezama ukumuvusa kodwa wazithulela uLindelwa)

(WASONDELA KUYE WATHI NE LAPHO WAYENGAGQOKILE LINDELWA WAYESELE NGE PENTY LODWA WEZWA EFUDUMALA WASONDELA WAMUBAMBA EGAXA UMLENZE EMSONDEZA LAPHO UPHEFUMULELA EMQALENI ABUYE AMQABULE,WAHLULEKA ULINDELWA PHELA IMIZWA ANGEKE UYIPHIKISE UMA ISITHI NGIYAVUKA MINA,WAPHEQA IQOLO ISINQA SAKHE SANGENA KUTHABO MAQEDE WAMUBAMBA ISANDLA WASIFAKA NGAPHAMBILI KWINANAZI YAKHE BABAMBANA BETHINTANA KAMNANDI QEDE WAPHENDUKA BAQABULANA BENCELANA IMIZWA ISIPHEZULU.BALWENZA UCANSI AS IF BAYAQALANA UYAZI KE NAWE UCANSI LUYAVUMA UMA KADE NIXABENE)

Lindelwa: I love you Thabo
Thabo: Noma kungenasigqi kodwa ngiyakuthanda Mina Lindelwa
Lindelwa: Shuthi angiphinde,Ngiyakuthanda Thabo
Thabo: Nansi respond(emqabula isphongo)
Lindelwa: So sthandwa sami singakhuluma?
Thabo: I know ufuna ukukhuluma ngani,khululeka Ngiyanithanda nengane yami,ngizonisupport futhi angeke ngibaleke so wena uyilunga lami so siwumndeni.
Lindelwa: Eish yazi love angulindele lokhu I thought uzongilahla uyiphike ingane yethu cause indlela owenze ngayo serious ayingiphathanga kahle
Thabo: Bengithukile sthandwa sami ngiyaxolisa love woza lana(emsondeza)

BAGONANA BENANELE IMFUDUMALO YOTHANDO NOKUSHAYA KWEZINHLIZIYO BEBEUKANA BEQABULANA KWALAMULA UKUTHI BAZUNYWE UBUTHONGO .

21/04/2026

IKUSASA LAMI by S.Mwandla

WAFIKA TARVEN KUDLALA INGOMA KAMASIKANDI ETHI NGIKHETHA UTSHWALA NGOBA ABUKAZE BANGIHLUKUMEZA...AY ANGENE AQONDE KWI COUNT ASIKE BLACK LABEL EWU 2 ABUYE AHLALE PHANSI APHUZE KODWA UBONA UKUTHI INGQONDO IKUDE NGEMICABANGO NOCINGO LALINDELWA ALUNGENI.

Mpanza: Ungaze ushise ubhiya ndoda ulokhu undwazile nje(ukusho lokhu lomlisa ube ebeka naye owakhe ubhiya etafuleni)Ngumfoka Mpanza mina bhuti(esondeza isandla ekhombisa ukuxhawula)

Thabo: NguThabo Mdladla mina bhuti ezansi ekugcineni koThukela.
Mpanza: Kuhle ukukwazi Mdladla cha ubukeka kukhona okukudlayo mfowakithi kodwa ke luncane usuku lwanamuhla ukunezinsuku ezizayo nami leyo advise ngayithola kumfoka Mokoena so hlezi nawe iyokusiza kunoma yini engakuphethe kahle...oh asishaye kulowakho ovuliwe ngaze ushise ngoba usabanda lowami(esho ewuthatha ephuza)
Thabo: Yona izwakala inomqondo othile le advise yakho kodwa ke akukho okutheni okungidlayo bengizicabangela nje(AKAPHENDULANGA UMPANZA KODWA WASUKUMA WAYA KWIJUKE BOX WADEDELA IZINGOMA ZIKAMASIKANDI WASE EVALA NGEKA MENZI MABIZELA TOUGH TIME NOTSHWALA SEBUYAZINGENELA KUTHABO USEQALA UKUFUDUMALA UBONA NGOKUZICULA ALINGISE NOKUSINA.UMPANZA ULOKHU EYILE KWICOUNT EFAKA NGA 3 KOKUNYE ELANDE NGA 4 KUMNANDI MANJE BAKHULULEKILE PHELA AKUDLALWA KWIBLACK LABEL NEZINDABA UZITHOLA SEZIZIPHUMELA NAMAHLONI ESENGEKHO,BAPHUZA KUMNANDI BEXOXA NASENDLINI ENCANE SEBEYA NJALO PHELA ONCE WAQALA WACHAMA USUKE USUZILAYILE)

Thabo: Mpanza bro wami(esebanjwe ingwici) ubone ngani ukuthi ngi...nginenki...nga?
Mpanza: Yingoba nami Uma kukhona okungixakile ngiba ngqo kulesisimo engufice uyiso.
Thabo: Angazi noma ngi...ngijabule or ngiphatheke kabi kodwa...kodwa la ngaphakathi(ekhomba isifuba) ngiyayizwa inhlansi yenjabulo kodwa inkinga abazali.
Mpanza: Abazali yini kanti wenzeni Mdladla?
Thabo: Intombi yami inenyanga ikhulelwe manje nje angazi...eh ey angazi nje ngenzenjani
Mpanza: Lalela lendaba idinga siyibungaze ngensimbi ngoba iyashisa angeke siyibandise ngobhiya.
(WASUKA WAQONDA KWICOUNT WABIZA SMIRNOFU AMA TUMBLER AMABILI, TONIC WATER NE 12 YE BLACK LABEL AMAKANI WATHI ASIYE ENDLINI.SAHAMBA LAPHO NGIDIDEKILE KE UKUTHI KUBUNGAZWANI MANJE WAFIKA WAKHIPHA INYAMA NE BRAAI STAND LAPHO NGISAMANGELE WABUYA NAMACAMP CHAIR NE COOLER BOX)
Mpanza: Now we can talk oh no yazini awuthi ngibize abafowethu sihlale nje ngoba ngifuna ukhululeke ebese wenza into elungile for umntwana wakho ungafani nami.
Thabo: Kanti wena wenzani?
Thabo: Asishiyele olunye usuku okusemqoka usuwubaba kumele uqine ukhombise support nothando kulomndeni wakho osuqalekile okwamanje asiphuze nansi nenyama isiyancibilika iqhwa.

20/04/2026

IKUSASA LAMI by S.Mwandla
(Isigcawu sokuqala)
Based on a true story.

6 months earlier...(Thabo umi phambi kwethuna).
Thabo:(crying) Thami bro I know ukuthi isenzo sami angeke sixoleleke,but ngiyafisa ukuthi ungixolele bhuti ngihlulekile ukukuvikela bafo kodwa ngiyathembisa ukuthi amaphupho ebesinawo ngizolwa ngiwafeze bhuti...
Lindelwa: Hmm kanti nami s'thandwa sami ngizokwenza isiqiniseko sokuthi oqeda kukuphimisa manje kuzokwenzeka.
Thabo: My love waze ngani ukuthi ngilana and why ungangilindanga endlini?...(ephenduka ebuka uLindelwa)
Lindelwa: Ngizamile kodwa inhliziyo yala isifuna okungokwayo eduze.
Thabo: Kulungile ngiyathemba iyajabula ke manje(bahleke)
1 month later...(UThabo uyiwele no Thami ubhuti wakhe ongasekho kanti ukudlula emhlabeni kwaThami kwaba ubudedengu baThabo engozini yemoto)

KUNGUMSOMBULUKO EZIKHATHINI ZASEKUSENI KUSHAYA UMOYA OPHOLILE UTHABO UNANELE WONA UDLALA NOMCULO OPHOLILE NJENGOBA ENGUMUNTU OZIFELAYO NGE RNB.
(Kungene ucingo luvela kuLindelwa intombi yakhe)
Thabo: Hellow sthandwa sami unjani?
Lindelwa: Siyaphila babawakhe?
Thabo: Babawakhe and uphila nobani?
Lindelwa: Thabo I am 4 weeks pregnant so...
Thabo: Wait...4 weeks pregnant?
Lindelwa: Yes and I don't know ngizosho kanjani layikhaya and my dad uzongibulala tu Thabo.
Lindelwa: Pregnant are you serious Lindelwa?
Lindelwa: Yes or ufuna ukuyiphika Thabo huh?
Thabo: No angisho njalo but ukuth no man...wait Lindelwa sure sure babe awudlali ngami?
Lindelwa: Aybo I'm pregnant Thabo you know what f**k you(evala ucingo)
Thabo: No wait babe ...Lindelwa,Linde...oh s**t useluvalile hhaybo ukhulelwe ngizoyithini ke mina lento yoo

YAMUDLA LENTO UTHABO ELOKHU EYICABANGA PHELA ISIMO SASEKHAYA SASINGESIHLE NAYE ESAQONGELELA UKULWA NEMPILO UKUZE KUFEZEKE IZIFISO ZAKHE NGOKWEMPILO.LWAHAMBA USUKU WABUYA WAZAMA UKUSHAYELA BACK ULINDELWA KODWA LWAMUPHOSA EZIHLAHLENI.NJENGOBA UMUZI WAKUBO USEZANSI NGASOTHUKELA WANYUKELA PHEZULU THUNDER TARVEN UKUYOPHOLISA IKHANDA NGOKOKWEHLISA UKOMA.

20/04/2026

Sanibona abathanda ukufunda izindaba zizongena lana siyabonga🙏

Ndubanemedia📸
19/12/2025

Ndubanemedia📸

still ndubane media kwaNkwanyana📸
18/12/2025

still ndubane media kwaNkwanyana📸

mr🕶
22/10/2025

mr🕶

20/10/2025

Address

Kwamashu Chakide Road
Durban
4359

Telephone

+27722712065

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when EZASE N.S.P Entertainment posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to EZASE N.S.P Entertainment:

Share